Imibiko yakamuva iveza ukuthi liphila saka iphoyisa laseMbongolwane obekubikwa ukuthi liduke sekusele izishukwana lishadelwe. Iphephandaba elaziwa nge Ezivuthayo Maputaland libike ukuthi uMnumzane Simphiwe Lucas Sibiya utholakale erestaurant yaseThekwini eziphuzela utshwala kanti kusolwa ukuthi bengafuni ukushada njengoba kuthiwa kade ephoqwa umndeni wase enquma ukubaleka endaweni.
Umthombo waleli phephandaba oyiphoyisa osondelene naleli phoyisa elingu Simphiwe Lucas Sibiya (43) uthe: ” ey uvele wathi ubengafuni ukushada ubephoqwe ngabazali wavele wabona ukuthi makabaleke. Simthole eziphuzela utshwala kule restuarent” Kusho leli phoyisa. Leli phoyisa kucaca ukuthi kaliwazi umthetho wokuganana. Njengoba selalobola incwadi yomshado kayithi shu. Livele lishadile ngokwecustomary marriage.