UKUMISWA kokusebenza kwezwe ngendlela ejwayelekile njengoba kuliwa nomkhuhlane osudlule nenqwaba yemiphefumulo emhlabeni iCovid-19, kuphoqe abantu bakuleli ukuthi bahlale emakhaya nemindeni yabo.
Ongoti kwezokuya ocansini nezobudlelwane bathi kukubi kunjalo kodwa kukhona okuhle okungenzeka kwabaganene ngalesi sikhathi imindeni izivalele ezindlini.
Baluleke abaganene ngokuthi mabathathe leli thuba bazitike ngokuya ocansini ngoba banesikhathi sonke.
“Izithandani eziningi azinaso isikhathi esanele sokuthokozisana ngocansi kwazise ntambama abantu basuke bezikhathalele, bagcine bezithokozisa okungatheni ngoba kusuke kukuningi nokusemiqondweni.
“Abanye ngenxa yomsebenzi, abahlali nabayeni noma namakhosikazi kodwa njengoba sivalelwe izinsuku eziwu-21 nje, iningi lisemakhaya,” kusho uNkk Samantha Nel ungoti kwezobudlelwane.
Uthi lesi sikhathi sanele ukuthi bathintithe uthando noma ubudlelwane obese bulele uthuli ngenxa yocansi olung ahlabahlosile olwenziwa kuphuthunywa.
Nanka amanye amasu angakusiza kulokhu:
* Shintshani indlela enilala ngayo uma nizitika ngocansi
* Indaba yokuthi owesifazane alale abheke phezulu, indoda ikhwele ngaphezulu ngaso sonke isikhathi, kugcina kungasahehi.
* Ngalesi sikhathi ake niyijike lento, nizame ezinye izitayela ngoba ziningi futhi ziyalunonga ucansi.
* Uma ningakaze nizizame izitayela, isitayela eningaqala ngaso ngesokuthi owesifazane agibele yena ngaphezulu.
Ukuba ngaphezulu akukhona ukuthi ufike uzichome nje ube yisidumbu kodwa kumele ufike nawe unyakaze.
Ithiphu – uma ungakaze ube ngaphezulu, kungakusiza ukuthi ubambelele esifubeni sesithandwa sakho, bese isinqa sakho singahlali sithi nze ebuntwini bakhe kodwa sithi ukuphakama kancane khona uzokwazi ukwenza iminyakazo.
* Ake nikhulume nje ngocansi
Ukuzikhulumela ngocansi kungenza omkhulu umehluko kubantu asebeneminyaka baluqala ucansi. Ake nixoxe ngokuthi konje yini ekuchaza kakhulu uma nizitika ngocansi nesithandwa sakho. Uma kunosuku osalukhumbula lapho isithandwa sakho esakuthokozisa khona ngendlela edlulele, ake usikhumbuze ngalolo suku, bese ucela impinda.
* Unganqeni nokuthi ukhulume ngendlela ezokwenza ukuthi kuvuke imizwa yocansi ngaleso sikhathi, kwazi bani, mhlawumbe ngaleyo nkulumo nje iyodwa kungaqhuma ucansi oluvutha amalangabi khona lapho.
* Khuluma ngemicabango yakho yocansi eyaziwa uwena kuphela.
* Wonke umuntu ophilayo unaleyonto yocansi athi uma eyicabanga, ayifise kodwa kube nzima mhlawumbe ukuyicela kwamganile/omganile. Isibonelo sale micabango, kungaba wukuzitika ngocansi emnyango ubuka izinkanyezi, wukuthintwa ezindaweni ezithile nokunye okuningi. Khuluma ngazo zonke lezo zimfihlo zakho nesithandwa sakho, hleze ekugcineni izifiso zakho zocansi zingafezeka.
* Hlukanani nombhede, ake nithole enye indawo
Mlandele umuntu wakho uma eyogeza, ufike ungakhulumi lutho kodwa ukhale khona. Qaphela kodwa ukuthi uwukhiyile umnyango, kungagalakadeli ingane nisathi niyazithokozisa.
* Uma kukhona onethoyizi locansi, lisebenziseni
Kukhona abesifazane abasebenzisa amathoyizi ocansi ngasese. Uma isimo sivuma, ubona ukuthi ngeke ukuthole ukugxekwa ngokuba nethoyizi, likhiphe libe yingxenye yokuthokoza kwenu ngalesi sikhathi. Kakade amathoyizi ocansi ayalunonga ucansi.
* Kwabesifazane, ake ugeze ube muhle ugcobe amakha, ugqoke izingubo zangaphansi ezihehayo, bese umema umyeni wakho ekamelweni. Kwenze lokhu engazelele. Ungandlala nombhede wenu ngendlela ehlukile, ukhanyise amakhandlela ubeke nezimbali embhedeni, kube wusuku olwehlukile kungonakele lutho futhi kungelona noSuku lweziThandani.
* Bukani ama-video ocansi ndawonye
Abanye abantu bakholwa wukuthi ukubuka i-video yocansi kusho ukukhohlakala kodwa lokhu akulona iqiniso. Okungafuneki wukuthi uyibuke ngendlela yokuthi usubuka yona yodwa, awusafuni ukuzitika ngocansi nesithandwa sakho. Lokho kusho ukuthi usedlebelekile. Kungenjalo, ama-video ocansi anobuhle obuningi uma niwabuka nobabili nesithadwa sakho.
Uma nine-laptop noma iselula ningahlangana embhedeni wenu nizibukele lama-video. Ngemuva kwalokho seningazikhethela ukuthi yikuphi enifuna ukukucosha nikwenze. Ngaphandle kwalokhu, ukubuka ndawonye lama-video kuzowuvusa umuzwa wocansi nigcine nijabulisana
* Buza ukuthi isithandwa sakho sifisa usenzeni
* Ake kuthi niphakathi naphakathi nocansi, uvele ubuze isithandwa sakho ukuthi sifisa ukuthi usenzeni, usithintephi kanjani.
Ngaleyo ndlela nobabili nithola ithuba lokwanelisana, kungabi khona ozofisa ukwenziwa okuthile kodwa angakutholi.
* Ungasabi ukumunca isitho sangasese sesithandwa sakho. Bancane kakhulu noma abekho nhlobo abesilisa nabesifazane abangaphakamisa isandla bathi abakuthandi lokhu.
Njengoba ninesikhathi sonke ningakwenza kahle lokhu uma niqeda ukugeza.