IZINHLAKA ezilwa nenkohlakalo kuleli zilungiselela ukubhekana nezinsolo eseziqubukile mayelana nenkohlakalo okuthiwa idla lubi ngesikhwama esenzelwe izinhlelo ezimayelana nokulwa nomkhuhlane obulalayo iCoronavirus kuleli.
Leli thimba i- Anti-Corruption Task Team (ACTT) kuvela ukuthi lihlanganile izolo (ngoLwesihlanu) ukuqala ukulungiselela lolu phenyo.
Ohola leli thimba, i- Special Investigating Unit (SIU) u-Andy Mothibi utshele amalungu ePhalamende ukuthi bebambisene nophiko lwezokuShushiswa koMphakathi noKlebe, bazosebenzisana ukusheshisa lolu phenyo.
“Konke kuzophetha ngokuthi kubuyiswe imali eseyebiwe”, kusho uMothibi.
Uthe kulezi zinsolo abazitholile ngalesi sikhwama ezihambisana nenkohlakalo eseyenzekile nokungahanjiswa ngendlela uma kuqashwa abanikezwa imisebenzi emayelana nezinhlelo zalolu bhubhane.
“Izinsolo zimayelana nokungahanjiswa ngendlela kwemigomo ehambisana nokukhishwa kwemali kahulumeni, i-Public Finance Management Act nokunye okuphathelene nalesi sigaba somthetho.”
UMothibi uthe lolu phiko i-ACTT, luhlukaniselene ngezinto eziphenywayo mayelana nale nkohlakalo.
UMothibi uthe ngesikhathi lolu daba lubikwa, lwayiswa ophikweni loKlebe ukuze luphenywe, kodwa kuthe uma lezi zinsolo ziqonga, lwase ludluliselwa nakwezinye izinhlaka eziphenya ngobugebengu kuleli.
“Senza konke okusemandleni ukuthi siphenye ngokushesha ngalezi zinsolo esezivelile,” kusho uMothibi.
UMothibi nokho ukhale ngokuthi kukhona abanye ozakwabo abangasebenzi njengoba izwe lisavaliwe, kodwa wathi unethemba lokuthi konke lokhu ngeke kubaphazamise ophenyweni.