KUBUKEKA luzothwala kanzima uNyazilwezulu njengoba umholi wamaNazaretha ovunwe yinkantolo ukuthi ahole ibandla lakwaShembe, esefake incwadi eNkantolo eNkulu eThekwini, yokulugudluza esihlalweni.
Isolezwe ngeSonto linayo ikhophi yencwadi efakwe enkantolo ngo-Okthoba 19, 2021, ngumholi uPhinda Shembe, Ukukhanyakwelanga. Encwadini kucelwa inkantolo ukuthi ikhiphe isinqumo sokuthi uNyazilwezulu lugudluke ngokushesha esihlalweni lushiye konke okwebandla. Luyalelwa nokuthi lungawugqoki umjiva wabaholi luphinde lungenzi lutho olusondelene namaNazaretha, njengomholi.
Okhulumela Ukukhanyakwelanga, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe seluyaziwa nosuku okuzohlala ngalo icala enkantolo oluzoba ngoFebhuwari wonyaka ozayo.
“ Njengoba sekuyincwadi ecela inkantolo ukuthi iphoqe uNyazi ukuthi lugudluke esihlalweni ngeke isathatha isikhathi. Udaba luzolalelwa usuku olulodwa bese luyaphela. Incwadi esiyifake enkantolo siyithumele nakulona uNyazi. Njengoba inkantolo yakuveza ukuthi umholi ofanele yiMisebeyelanga, osekungene Ukukhanyakwelanga ezicathulweni zayo, uNyazi aluseyena umholi. Lokhu sikwenza ngokuhambisana nomthetho okuyiwona ovune Ukukhanyakwelanga. Uma kungukuthi uyanqaba ukusuka noma ngabe sesiphumile isinqumo kuzobe udelela inkantolo. Abenza kanjalo bayaboshwa,” kusho uMthethwa.
Kule ncwadi, uNyazilwezulu lunqatshelwe ukuthi lusebenzise izinto ezifana nezebandla lamaNazaretha, noma ngabe luphuma inxiwa. Kuphinde kuvele nokuthi alunqatshelwe ukuthi luyohlala emzini kayise uThingolwenkosazana, obizwa ngokuthi kusePhalamende ongaphandle kwaseBuhleni. Okunye okuvelayo ukuthi nezindleko zabameli zencwadi efakwe wumholi enkantolo, ufuna zikhokhwe yilona uNyazi. Kuphinde kuvele nokuthi uma uNyazilwezulu seluphuma eBuhleni, kumele luveze nezitatimende zemali yebandla esemabhange eyaboshwa ngesikhathi kuqala icala ngo-2011.
UMthethwa uthe yize singakaphumi isinqumo kodwa akasazi yisiphi isizathu esingenza uNyazi lunqabe ukusuka esihlalweni.
“ NgoJulayi ngesikhathi silucela uNyazi ukuthi lugudluke esihlalweni eBuhleni, lathi ngeke lukhishwe ngabantu emzini kayisemkhulu iNyangayezulu. Alushongo ukuthi aluphumi ngoba lungumholi wamaNazaretha. Umuzi waseBuhleni uyikomkhulu lebandla elakhiwa ubabamkhulu, Inyangayezulu. Ngaleyo ndlela kumele umuntu osesihlalweni khona kube ongumholi webandla,” usho kanje.