Owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu ukhwele wadilika kumculi kamskandi uKhuzani Mpungose amsole ngokusabalalisa ama-poster athi umcimbi wakhe obuzaba ngoNovember 2 eCurries Fountain usuhoxisiwe. uKhuzani uziphendulele ezinkundleni zokuxhumana naye emva kombiko uphume ephapha ndabeni Isolezwe ngoMsombuluko.
Impendulo ka Khuzani:
“Bengithanda ukuthula ngihloniphe lensizwa yangakithi kodwa kuyala bafwethu ngiyazi ngingaba wrong kodwa akekho ongathula amele ukudikwadikwa minake angilwi ne Sbotho leSpoki engabe kanti siyopokela uMaskandi kuze kube nini.Uzophusha umcimbi wakho ngegama lami yini lena engaka oyikhalelayo kimi engani unamakhosi akho wena othi yiwo yiwo yini engaka oyifuna kimi,
ukhuluma iphutha uthi wawungilekelela eMabhida hawu yiphutha lelo wawusebenza wahola R180 000 + R30 000 nginayo iproof of payment kungabe iyona ndlela othi angikubongi ngayo leyo?
Wena uma udlala uMculi okhozini usuke usumzala usuwubaba wakhe ake ngibuze uwena yini kanti owawuCompiler izingoma emsakazweni kanti wawungadlali izingoma ozifice emshinini uzama ukusitshela ukuthi wawusakaza uphinde ube u Compiler kushuthi abaculi ababengadlalwa Uwena owawunesandla?
Usho kuphi ukunabukeliswa ubungibhalel ingoma?ungiculele utshele abantu bengithenge ama CD?
labalandeli abangaka bangithanda ngenxa yakho?cha uyinsizwa bhuti mina angikakazukuyenza ivideo ngoba uma ngingenza ivideo lingasha lelizwe
Akaze ngicabange ukuthi ngingaxabana nawe ngize ngiphumele obala ngenxa yokukuhlonipha kwami kodwa ungime emphinjeni nami ngingimuntu nginegazi mina anginaye ubaba wama 80s owami ubaba owama 60s ukhumbule nami ngingowama 80s ungubhuti kimi.
Uma ngingaqala ngivezele abantu ukuncola kwakho lingabhubha ngihlokoloze nje ngizokugila wena.
Uma ngabe wawungisiza kungabe awuhambi umemeza kusobala ukuthi wawufuna ngibe umkhovu wakho ngikuthandaze bonke owawubasiza uhamba uthi nimbona nje uwe?
Buphi ubufakazi othi unabo ukube unabo ubuzobuvezela abantu ubufakazi lobuxoki othi nginabo awubuvezi ngani uthanda kanjena ukwethembeka.
Uzothenga izinhliziyo zabantu ngegama lami ubungangifoneli ngani kungani wenze ivideo angithi inhloso yakho ukudicilela phansi igama lami,
Okokugcina ngci ngibhala lana ngawe okusuka lana ukutshela abantu ubuthakathi bakho nalaba abakuthwele ngeqoma bayophinduka izitha kuwena uma ngingake ngiqale nje ngithi 1……ngithi…..2…….