KUBATSHAZWA isikhwele esinesihluku kowesifazane oshiye abantu bethuthumela, osolwa ngokugqema umnakwabo ngesagila waze wafa kubangwa isoka, kuleli sonto. UNksz Philile Mthembu (25) waseNtshongweni ngaseThekwini, uboshiwe ngezinsolo zokuhlasela umnakawabo uNksz Amanda Gwamanda, ngesagila endlini yesoka labo.
Ilungu lomndeni kamufi uMnuz Sabelo Phalakhu, lithi umsolwa uthathe iselula yesoka wabhala umyalezo ewuthumelela umnakwabo, ezenza isoka lakhe, emcela ukuba afike endlini azovakasha. Kuthiwa umufi usuke waqonda khona wafica umnakwabo endlini, wathi esephakathi endlini wahosha isagila, wamdinda ngaso waze wawa wamcindezela.
“Kwehlule ngisho esexolisa umtakabhuti kodwa waqhubeka wamcindezela emgxoba esifubeni emncisha umoya. Inesihluku nenhliziyo embi le ntombazana. Asikaze siyibone into enje. Sesethembe wona umthetho ngoba sizwile ukuthi ugcine eboshiwe,’’ kusho uPhelakhu.
Kwenzeke lokhu nje kuthiwa isoka lezintombi belisejimini lishiye iselula yalo endlini. Nakuba ingaphumelelanga imizamo yokuthola isoka kodwa kuthiwa amaphoyisa alithathile alihlaba ngemibuzo.
Kuthiwa umufi uphuthunyiswe emtholampilo wadluliselwa esibhedlela wafika waphelela khona. Emuva kwalokho umsolwa ugcwale amathafa waze wadliwa wunembeza, wazinikela emaphoyiseni asePinetown, amdlulisela esiteshini esiphethe icala.
Uyise kamufi uMnuz Mondli Gwamanda, uthe yinto ahluleka nokuyichaza into eyehlele indodakazi yakhe yagcina ifa kabuhlungu kangaka.
“Ngimatasa namalungiseleleo omngcwabo impela ayikho into esisazoyisho uma kunje. Ingane yami ibisencane kabi ihlanganisa iminyaka engu-23 njengoba izofa kanje. Yisihluku nenhliziyo embi ukuthi umuntu esexolisa kodwa uze umcime umoya ufuna afe,’’ kusho uGwamanda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe ukhona owesifazane oboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi eMpumalanga ebhekene necala lokubulala.
“Kuthiwa owesifazane uhlaselwe wumuntu amaziyo wamgqema ngesagila wasala enezingozi ekhanda, waphuthunyiswa esibhedlela wafika washonela khona. Kuthiwa umhlasele emuva kokuthi kube nengxabano phakathi kwabo,’’ kusho uCaptain Gwala.