USEYAQOPHA uGawulezakhe Mbili odume ngelikaSphuzo, ozakhele udumo ngobugagu ezinkundleni zokuxhumana.
NGIZIKHONZELE okuphuzwayo, ama-hot wings angiwafuni ngoba anginawo amazinyo.” Lawa ngamazwi kaGawulezakhe Mbili, odume ngelikaSphuzo, osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokuba yigagu lokucula izingoma azinongele yena. USphuzo (55) waKwaDweshula, ePort Shepstone, waqala ukuduma ingakabi khona ngisho iFacebook njengoba esaziwa kuwona ngama-video. Unekhono lokushintsha izingoma zesonto, azifakele izinhlamvu zakhe ezinamancoko. Kwenye yezingoma adume ngazo ucula nge-guava juice. Uma ecula ushintsha izindlela aphinde azivumele yena, alingise izinsimbi ngomlomo.
Okunye okuhlekisa abalandeli bakhe ukuthi amazinyo angaphambili awekho, kanti yena ubukeka engenamahloni ngalokho. “Ngizalwa amakholwa, yingakho ngiyigagu. Ekhaya bebesonta eGospel, ngashintsha ngangena eZayoni. Ngiyazinongela izingoma ngoba ngikhonze ukuncokola namahlaya.” Uthe abantu bayamhlupha ngisho emicimbini, befuna abaculele. Uthe abanye bayamumema ngoba bathi akubi mnandi uma engekho. Yize engakufihli ukuthi uyoma okwenze nokuthi aqanjwe ngoSphuzo, uthe uyigagu ngokwemvelo. “Kade ngangifisa ukuqopha kodwa ngingazi ngingenzanjani,” kusho yena.
UMnuz Sakhile Cele weMedia Brand othe uyamlekelela njengemenenja, uthe umazi kudala uSphuzo ongumakhelwane wakhe. Uthe babemshutha ecula kusukela ngo-2007. “Ngike ngahlala e-USA, ngabuya kulo nyaka ngathola nokuchitha isikhathi noSphuzo. Bengimshutha, ngifake ama-video ezinkundleni zokuxhumana. Ngibone indlela abantu abamthanda ngayo, ngamvulela amakhasi kwezokuxhumana,” kusho yena. Uthe manje baqopha izingoma ezintathu, abasazothatha isinqumo ukuthi bazikhipha zonke noma benza eyodwa. UCele uthe unqume ukumsiza ngoba sekukhona abafuna ukudlala ngaye. Phambilini kuke kwavela ukuthi ufunwa uSjava noDJ Black Cofee.
Ebuzwa ngalokhu uCele uthe ngesikhathi ese-USA wezwa ukuthi kukhona umculi ozame ukuhlangana noSphuzo kodwa akukho okuphumelele. Uthe abafuni ukumnqumela uSphuzo kodwa uthanda umculo kamaskandi nowokholo.
Okuhlekisa ngaye ukuthi kuthiwa lapho kusontwa khona akabuzi, ufika ashaye ingoma noma ngabe yikuliphi ibandla.