ISIDUMBU sikaNksz Tshegofatso Pule sitholwe yilungu lomphakathi silenga esihlahleni ngaseFlorida Lake, eRoodepoort ngemuva kokugcina ukubonakala ngoLwesine olwedlule ebusuku
SISHAQISE abaningi isigameko sokubulawa ngesihluku kowesifazane waseGoli obeselinde inyanga eyodwa kuphela ngaphambi kokuthi abelethe, otholwe elenga esihlahleni enamanxeba okugwazwa ngemuva kokunyamalala ekhaya ngesonto eledlule.
Ngokombiko weSowetan, isidumbu sikaNksz Tshegofatso Pule sitholwe yilungu lomphakathi silenga esihlahleni ngaseFlorida Lake, eRoodepoort ngemuva kokugcina ukubonakala ngoLwesine olwedlule ebusuku. Kubikwa ukuthi uNksz Pule wahamba ekhaya eMeadowlands, eSoweto, eyovakashela isoka lakhe eFlorida. Umndeni wakhe wagcina ukukhuluma naye ngalolo suku.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Kay Makhubele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kodwa akukaboshwa muntu okwamanje futhi akekho osolwayo okwamanje. Uthe isidumbu sikaNksz Pule sitholwe sinamanxeba okugwazwa ngasemabeleni.
Ilungu lomndeni elikhulume naleli phephandaba lithe bagcina ukukhuluma noNksz Pule ngoLwesine ebafonela ebazisa ukuthi uyobona isoka lakhe eFlorida ezohamba ngemoto ye-Uber.