UMA usathathe ikhefu ekutheni uqome noma ujole noma ungenaye umuntu ohlekisana naye, akumele ubulawe yindlala yokuthokozela ucansi. Asikho nesidingo sokuthi uze uziphoqe uthandane nomuntu ngoba ufuna ukuya ocansini.
Ukuzithokozisa wena uqobo namanje kuseyinto okuthi uma kukhulunywa ngayo kube sengathi kuyihlazo kodwa ongoti kwezobudlelwane nabezocansi bathi ukuzithokozisa wena uqobo kungaba yisinyathelo esibalulekile ongasithatha empilweni yakho.
UDkt Nomcebo Mthembu ongungoti kwezocansi nophinde abe ngumeluleki kwezobudlelwane bezothando, uthi alukho uhlobo lokuzijabulisa nobumnandi umuntu angeke aluthola uma ezithokozisa ngokwakhe ngokocansi.
Uthi sesiphelile isikhathi sokuthi abantu babe namahloni uma kumele bazithokozise bona uqobo, kumele kube yingxenye yempilo kunokuthi abantu bahambe beziphonsa baze baphuke umoya ngoba nje befuna ukuzithokozisa ngocansi.
“Ziningi izindlela zokuzanelisa futhi singabi bikho isidingo sowesifazane noma owesilisa ngaleso sikhathi.
“Kunezindlela zokuziphulula nokuzidlalisa ezenza umuntu aneliseke ngisho ezithokozisa yedwa. Abantu abaningi kabafundisekile ngalezi zindlela. Ngesinye isikhathi ungakwenza lokho ngisho unaye umuntu othandana naye uma engakulungele ukuya ocansini noma engekho eduze ngesikhathi osuke umdinga ngaso. Kuyasiza ukulekelela ubudlelwane osuke ukubona ngaleso sikhathi,” kuchaza uDkt Mthembu.
Uthi ukuzithokozisa wena uqobo kuhambisana nokusebenzisa amathoyizi okujabulela ukuya ocansini, noma nje ukusebenzisa izandla zakho uqobo.
Kubalulekile ukwazi ukuthi kumele uzithinte kuphi ukuze uthole lowo muzwa wokwaneliseka ngocansi.
Abanye bosaziwayo sebeke baphumela obala ngalokhu nokusebenzisa amathoyizi ocansi ukuzithokozisa ngabodwana.
UMoonchild ongumculi, omunye wosaziwayo osanda kuveza ukuthi akahlukani nethoyizi lokujabulela ucansi.
Omunye umculi nguWanda Baloyi, uveze ukuthi kuke kwaba nesikhathi lapho ebehlabe khona ikhefu kwezothando, wathi ukusebenzisa amathoyizi okujabulela ucansi yikhona abekwenza uma enomuzwa wocansi.
Ngaphandle nje kokuthi ukuzijabulisa kwenza ungahambe uziphonsa, uDkt Mthembu uthi ukuziphulula kuyasiza nasekutheni uwazi umzimba wakho. Uphinde wazi nokuthi yiziphi izingxenye zomzimba othi uma uzithinta ufinyelele kuvuthondaba.
Ongoti bathi abantu kumele bangakunqeni ukungena ezitolo ezidayisa amathoyizi ocansi, babuze ngawo ngokwezidingo zabo.
Nanka amasu angakulekelela ekutheni ukwazi ukufinyelela kuvuthondaba uma uzithokozisa wena uqobo ngocansi:
* Gqoka izimpahla zangaphansi ezikuchazayo, bese ubeka nesibuko ozolokhu uzibuka kuso ngesikhathi uziphulula.
* Thola uhlu lwezingoma ezizohambisana nemizwa yothando ezizogijimisa kahle igazi nawe uzizwe usegiyeni. Usungaqala uzidlalise uziphulule ngendlela ezokwenza ulangazelele ucansi.
* Usungaqala unyakaze kancane ulandele imizwa usebenzise neminwe ukuzihlikihla ezindaweni ezifanele.
* Ukwenza kube mnandi ngendlela ehlukile sebenzisa namathoyizi okunezelela ubumnandi.
* Kukhona konke okwenzayo, zethembe uzitshele ukuthi lokhu okwenzayo kuzoba yimpumelelo futhi kuzokuthokozisa.
* Lala ushintshe izitayela njengoba nisuke nibabili, uziguqukele wena ube uzidlalisa ngeminwe.
* Ungasebenzisa nomcamelo uwugone uma uzwa kunesidingo sokunkonkoshela umuntu.
* Uma imizwa yakho ingasheshi, ungasebenzisa izithombe zocansi noma ama-video akulekelele, uthi uzijabulisa ube uwabukele.
Qaphela ungawajwayeli kakhulu amathoyizi ngendlela yokuthi kuze kungavumi ukuthi uphile ngaphandle kwawo.