Uphila ngaphansi kwesimo esinzima umndeni wakwaButhelezi eZimpayeni oLundi ohlaselwa yizinto abangaziboni ezibashaya ngamatshe, zibathele ngesihlabathi uphinde ushiswe umlilo.
“Hlwaaaa!” Lezinto zibasakaza ngomva wempama laba. “Maye babo! Ashuuu yangikhahlela lento!” Kukhala amalungu alomndeni.
Exoxisana nabezindaba amalungu omndeni aveze ukuthi lesi simo siqale ukwenzeka mhlaka-04 April kulonyaka. Bathi uma behlezi noma kusendlini bavele bezwe bethelwa yifu lenhlabathi kuthi besathuswe yilokho beshaywe amatshe abagqeme ngisho izingozi. Kuyimanje izindlu sezishe zonke, zishiswa umlilo abangawazi.
Indodakazi yakulomndeni uNgiphile Buthelezi ithi kuyimanje balele egcekeni ngoba abasizakali uma belaliswe komunye umuzi umlilo uyabalandela kufike kushe nakhona.
Bacela umuntu ongabasiza kulesisimo ukuba lemimoya iphele ngoba bathi lokhu kusile abadli lento ibahlasela usuku nosuku. Abadingi lezangoma nezinyanga ezithi: “Izinto zakho azilungi nje kungenxa yesifonyo esakudukela!” Kufuneka ungqo wenyanga lapha, engalwenzi ucansi. Hhayi lezi ezishaya amaWOT namaDoggy!
Lezi izimpahla abazame ukuzikhipha kulendlu ebikade isha namuhla ntambama.