Namuhla iLadies House ixoxisana nenyanga Nongxamela ngobungozi bokushiya izingubo zakho kumuntu othanda naye nokusetshenziswa kwemithi enzingitsheni zalo osuke uthandana naye ngoba ufuna ukubamba noma ugcine uthando noma ukumubamba lalomuntu othandana naye.
Asikubeke nje kucace nje ukuth into enajalo uma ngabe ungumuntu wesiliss noma wesifazane ozithandayo, ake ukuyeka ukulokhu uyenza kusuka namhlanje mawube nenhlanhla yokuthi ulandele iLadies House ufunde lesi siqephu ngoba inobungozi obukhulu. Abantu into eyike yenzeke, kunomuntu oke athi mina ngishawa ngezichitho, kanti ukushiya izinsila zakho lapho othanda khona akulandelisi ngezichitho kodwa kulandelisa ngelento embi okuthiwa isibango. Umuntu uma ngabe esebenzise izinsila zakho lokho kwenza ukuthi ugcina kuku landelisa ngezibango ezimbi, ezikhandwa umuntu uma ngabe esephumileke waya kubalaphi bendabuko wayothi ngiyitholile insila yakhe. Ilapho la kuqala khona inkinga ngoba nakuthina belaphi bendabuko kuye kube khona ubudedengu bethu ukuthi uvumele intukuthelo yomuntu kanti ukwelapha kufuneka ukufanise nendawo edayisa ucelemba nezibhamu ukuthi umuntu mayefika la ejuluka uthi uzofuna ucelemba nesbhamu awumniki.
Kufuna ukuthi aqale aphole kuqala, akuchazele inkinga yakhe esepholile – ngakhoke uma uvakashile musa ukufika ushiye izinto zakho noma ngabe ungumama ubuvakashile wathi mase ugeza ukuseni wathatha lokhu ukuyi penty liner wakuhlubula ipheshana wakubeka endaweni yakho wagqoka. Lithathe iphepha lakho lelo uhambe, musa ukushiya la othanda khona. Ileyonto nje okufuze abantu bayigade kakhulu ngoba, nangalena kwezibango iyaphinda ibe insengiso endodeni ngoba kuyenzeka indoda ingabheki ukuthi ushiyeni, mhlampe mase ilayela omunye umuntu ukuthi uyofike uthathe ukhiye phansi kwetshe. Uma ngabe uyafica nje ngenkunzimalanga yedilozi noma under ibekiwe lapha.
Ngabe lento ibheke ngakubantu besifazane kuphela yini noma nezinsilamzomuntu wesilisa abantu besifazane bayakwazi ukuzisebenza bese kubuya kuphenduka isibango nomakuphendule isichitho?
Kubantu besifazane kubantu besilisa, abantu besifazane bayaye bazi sebenzisele ubuhle bokukhanda umuntu wakho ukuthi afinyele neno. Ingozi ila owesifazane ezothela phekwensila kowesifazane ngoba azibe zisa sebenzake ebuhleni lapho, kodwa uma kungowesifazane oqoqe ozowesilisa lapho nginesiqiniseko sokuthi kulabantu abajwayele ukufika layikhaya bethi insila zakhe nginazo, lowomuntu usuke efuna umuntu wakhe afinyele neno.
Lento yokuthi ngoba sikhulula ngensila, liwashiwe kahle ingasekho insila – liyakwazi ukusebenza seliClean ingekho insila ungaphuma. Kusebenzani iphunga noma kusebenza indwangu ukuthi ngoba lalisetshenziswe usbani bani? Ngoba selkie lahlala nje lamthinta
Kahle kahle into esebenzayo into eyeke yengama umzimba wakho isuka nawe, noma ungayiwasha lento kodwa yona ngoba ike yengama umzimba wakho ngisho ngabe iJacket umuntu uma ngabe ejulele ukukuphushela eweni into oke wayengama ngoba, into eyisithunzi somuntu ikwazi ukusebenza noma ngabe kuthiwani, ziyazi insizwa uma ngabe ziyodlala umdlalo wezinduku, uma insizwa ike yanyathela isthunzi somuntu kwenzakalani.
Kusho ukuthi nanokusenza ngesthombe somuntu kunjalo na?
Ezintweni ezifana nesthombe angikusho ukuthi ke lapho ngokomuthi, isthombe akukho la esithintana khona nami noma nobani. Kukhona lokhu kwelapha osekukhona manjeiskhathi esiningi ukukhohlisa abantu ngokukhanda isthombe esingekho kumuntu. Awukho umuthi okwazi ukusebenza ngokuthi ngiphethe isthombe somuntu ngifaka izifocoyi nalokhuya. Isthombe esomuntu asihlangani naye. Lapho kusuke kukhandwa image ngezinto ezikhandwe isthombe sikhandwa phambi kwakho ukuze uhlale ubambe ukuthi kunje kanti akunjalo. Wena fanele ukhokhe nje kuphela kube kuphelile. Uma ungaya uyobheka behind the scene uyofica nje isthombe ssakho silahliwe nje singakaze senziwe lutho.