ISILOMO sikamaskandi, uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, sithi isikhathi sesihambile ukuthi singenza umcimbi waso wokugcwalisa inkundla Orlando Stadium eSoweto kulo nyaka.
UKhuzani waphumela obala wathi ufuna ukugcwalisa le nkundla yaseThekwini ngemuva kokuthi umrepha uCassper Nyovest athi uzokwenza umcimbi wokuyigcwalisa. Nakanjalo wayogcwalisa ngonyaka odlule iMabhida.
UKhuzani umemezele ezinkundleni zakhe zokuxhumana ukuthi kulo nyaka ka 2020 wonke umuntu othanda uMaskandi abaphelele khona Orlando Stadium, usuku kodwa belungakaphumi.
“Sinalo vele usuku esalunikezwa ngabase Orlando futhi ngasohlangothini lwethu sizilungiselele nabantu bavivile. Kuzokwenzeka,” kusho uKhuzani.
Leli phephandaba lathola ngomthombo walo ongaphakathi e-Orlando ukuthi usuku olubekelwe umcimbi kaKhuzani Luzoba ngo May.
“Sesithumele wonke amaphepha kubaxhasi, silinde ukuthi basayine bazibophezele. Asikwazi ukuqhubeka nezinye izinhlelo ngaphandle kwabo.”