AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal akhathazekile ngokuhlukunyezwa kwezitshudeni zase-University of Zululand ezinyangeni ezimbalwa ezedlule okuholele ekudutshulweni kwesinye sezigelekeqe ngesikhathi zitholana phezulu namaphoyisa ngoLwesibili.
Ngokusho kwamaphoyisa, phakathi kwamabili ngoLwesibili onogada babone amadoda amabili engena lapho kuhlala khona izitshudeni eNkonjane Reserve KwaDlangezwa.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe kubikelwe amaphoyisa ngokushesha ngokugqekezwa. UNaicker uthe kusolakala ukuthi amadoda abehlomile angene lapho kuhlala khona izitshudeni azikhomba ngezibhamu bafuna amaselula nama laptop. Uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, bekuzwakala izitshudeni zikhala zicela usizo ngaphakathi.
“Abasolwa bezama ukubaleka bazithela emaphoyiseni asesiteshini saseMtunzini. Kube nokudubulana okugcine ngokuthi omunye wabasolwa adubuleke afe. Umufi (28) utholwe enesibhamu nezinhlamvu ezinhlanu, amaselula amabili, ilaptop kanye necharger,” kusho uNaicker.
Impahla entshontshiwe ibuyiselwe kubanikazi bayo. Amaphoyisa aseMtunzini aphenya icala lokugqekeza, ukuzama ukubulala, ukuphatha izinsiza zokugqekeza, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Kwenzeka lokhu nje, ngoSepthemba izitshudeni ebezidinwe zigane unwabu zivale isikhungo isonto lonke, zavimba umgwaqo zaphinde zashisa nesiteshi samaphoyisa kulandela uxhaxha lobugebengu obubhekiswe kwizitshudeni. Ulaka lwezitshudeni lwasuswa wukudutshulwa esiswini kwesinye sezitshudeni uMnuz Msawenkosi Nxumalo (23) ngesikhathi kugqekezwa lapho okuhlala khona izitshudeni. Ukuthula kulesi sikhungo kulethwe wukuvakasha kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele owathembisa ukwenyusa inani lonogada.
Ekhuluma ngesigameko sakamuva, uKhomishina weSifunda, uLieutenant General Khombisile Jula uncome amaphoyisa aseMtunzini ngokuphendula ngokushesha.
“Ngiyajabula ukuthi amaphoyisa ethu akwazile ukuzilwela ngesikhathi ehlangabezana nengwadla yezinhlamvu, ngiyajabula futhi ukuthi abagilwa abalimalanga kakhulu. Angeke sivumele izigebengu ukuthi zihambe ngokukhululeka emiphakathini yethu futhi ngiyabonga nokuthi lobu bugebengu kubikwe ngokushesha namaphoyisa aphendula ngokushesha,” kusho yena.