UNINA wezingane ezimbili ezabulawa nguyise ngesihluku uthe ujabule ngesigwebo sikadilikajele esinikwe umbulali yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, izolo.
UNkk Zinhle MaZikalala Ndlela ongunina ka-Unamandla (3) no-Sambulo (8), ababulawa nguyise u-Emmauel Ndlela, uthe noma izingane zakhe zingeke zisavuka kodwa uyajabula ngesigwebo esikhishwe yinkantolo.
“Noma inhliziyo yami isebuhlungu ngendlela izingane zami ezabulawa ngayo kodwa ngithokozile ngesigwebo ngoba umbulali ngeke aphume ejele lokho okuzokwenza ukuthi kungavikeleki mina kuphela kodwa nabanye abantu,” kusho uNkk MaZikalala-Ndlela osebenza emsakazweni iCora FM.
UNdlela ugwetshwe odilikajele ababili yijaji uPhillip Nkosi kodwa lathi uzobadonsa kanye kanye.
Ethula isigwebo uNkosi uthe uNdlela ukubulala wakuhlela yingakho engeke aze agudluke kuleso sigwebo esimisiwe esinikwa umuntu obulala ehlelile.
“Noma ngabe kuthiwa ukhombise ukuzisola ngesenzo sakho njengoba kunguwe owazinikela emaphoyiseni kodwa isenzo owasenza simbi kakhulu. Wabulala izingane zakho ngesihluku ngoba uthi ufuna ukuzwisa unina ubuhlungu njengoba nabe senihlukene naye,” kusho uNkosi.
Uthe izimo zempilo kaNdlela azisedluli isenzo asenza yingakho kumele athole isigwebo esinzima.
“Wavusa indodakazi yakho ilele wayiklinya ngothayi wayilengisa ethoyilethi, usuyibulele waya egunjini lokuphumula lapho kwakuhleli khona indodana yakho ibuka iTV, nayo wayiklinya wayilengisa.”
Uthe emuva kwalesi sigameko wazinikela emaphoyiseni, wawabikela ngesenzo sakhe.
“Utshele inkantolo ukuthi emuva kokubulala izingane zakho nawe wacabanga ukuzibulala kodwa wabuye wasaba. Lokho kuyathusa ngoba ukube wawuzimisele ngempela ngokuzibulala wawuzozibulala njengoba wabe sewenzile ezinganeni zakho. Izingane zakho zazilindele ukuthi uzivikele njengoyise kodwa wakhetha ukuzibulala kabuhlungu,” kusho uNkosi.
Ngesikhathi iJaji lichaza indlela umbulali abulala ngayo izingane zakhe amanye amalungu omndeni abebubula.
“Uma sikhipha isigwebo kumele sibheke izinto eziningi. Enye yalezo zinto wukuthi umphakathi ulindeleni, sikhuluma nje kunesihlava esibi emphakathini sokubulawa kwezingane nabantu besifazane. Umphakathi ulindele ukuthi izinkantolo zidlale indima ebalulekile ekulweni nalezi zigameko ngokukhipha izigwebo ezizoba yisifundo nakwabanye abasacabanga ukwenza lobu bugebengu,” kusho iJaji.
UNkosi uthe uNdlela kade esebenza kahle engutolika enkantolo yemantshi futhi ewuqonda umthetho kodwa wenza into enjena.