USALWA namanje uMnu Owen Ndlovu, owadala isiphithiphithi esaholela ekutheni unyaka wangahlukana ngengoma evotelwa ngabalaleli oKhozini FM nyakenye – uthi nakulo nyaka impi isaqhubeka.
UMnu Ndlovu ongumnikazi wenkampani iMichael Owen Productions, owaba ngundabamlonyeni ngokuvala kwakhe ukuba uKhozi FM ludlale ingoma yonyaka nyakenye, utshele ILANGA LangeSonto ukuthi nakulo nyaka uKhozi ngeke lube nayo ingoma ezovotelwa ihlukanise unyaka.
Uthe uKhozi FM lungazidlalela nje izingoma ngokuthanda kwalo kodwa ngeke lukwazi ukunika abalaleli ithuba lokuba bavotele ethandwa yibo.
Usabisa ngokuthi uma lesi siteshi somsakazo sikwenza ngenkani lokhu, uzophindela enkantolo njengoba wenza nangonyaka ophelile.
“Uma Ukhozi luzofuna ukwenza lokhu ngenkani ngeke nginanaze ngizophinde ngibavale njengoba ngenza ngonyaka owedlule,” kusho uMnu Ndlovu.
Uthe namanje udaba lwengoma yonyaka phakathi kwenkampani yakhe neSABC alukaxazululeki. Uthe isivumelwano asisayina neSABC sasihlanganisa zonke iziteshi ezingaphansi kwale nhlangano okuhlanganisa nalo Ukhozi.
Uqhube wathi uhlelo olwaqhamuka naye lweSABC Summer Song laluhlomulisa amaciko njengoba umculi obedla umhlanganiso ubehlomula ubethola isamba semali nonyanyavu lwemoto. Kuzokhumbuleka ukuthi phakathi kwabaculi abahlomula kulolu hlelo lweSABC Summer Song kubalwa uMroza Fakude noNathi Mankayi.
Ngonyaka owedlule kwaphoxeka abalaleli boKhozi FM, ngesikhathi lesi siteshi siphoqeleka ukuba simise ngomzuzu wokugcina uhlelo lwengoma yokuhlukanisa unyaka. Lokhu kwashaqa futhi kwanenga izigidi zabalaleli balesi siteshi abese beyibheke ngabomvu ingoma yonyaka kwazise babevotile.
Kulawo mavoti uNtencane nguyena owagcina evotelwe kakhulu njengoba uhlu lwezingoma eziyishumi zagcina zidlalwa ngoNdasa (March) nonyaka.
Obambe esikhundleni somkhulumeli weSABC uMmoni Seapolelo, uthe isikho isimangalo esisezithebeni esikhona phakathi kweSABC neMichael Owen Productions esithinta iSummer Song of the Year.
“Esasikhona sahoxiswa ngoMasingana walo nyaka,” kusho uMmoni. Uqhube ngokuthi Ukhozi FM lizomemezela izinhlelo zalo zamaholidi ngokuhamba kwesikhathi.