USELIHOXISILE icala abelifake enkantolo u-Owen Ndlovu omise ukumenyezelwa kweTop 10 yoKhozi FM ngoncibijane nyakenye.
Umsakazo uKhozi FM ngoLwesibili lumemezele ukuthi uNdlovu ulihoxisile icala, iSABC isingaqhubeka nohlelo lwayo lokumemezela itop 10 nengoma ehlukanise unyaka.
Kuphuke izinhliziyo zabaningi ngoDisemba 31 nyakanyeke izinkumbi zabantu zilindele ukuthi kumenyezelwe ingoma ezohlukanisa unyaka njengoba babevotela amaculo abawathandayo.
U-Owen, ongusomabhizinisi, umise ukumenyezelwa kweTop 10 ngoba ekholelwa ngukuthi iSABC idla amandla akhe ngokusebenzisa icebo elafika naye ngaphandle kokumnxephezela ngemali.
Kuthiwa uhlelo lokuvotela ingoma yonyaka belwenza imali elinganiselwa ku-R100 million ngonyaka kodwa iMichael Owen Production yagcina ukuthola imali ngawo ngo-2016.
Ukumiswa kokumenyezelwa kweculo elihlukanise unyaka kudonsele uKhozi amanzi ngomsele njengoba abantu bebekhalaza ezinkundleni zokuxhumana befuna ukubuyiselwa izimali abavota ngazo. Ngaphezu kwalokho, kwaqhatha umsakazi owayeshayela uhlelo lukancibijane, uTshatha, nabalandeli ezinkundleni zokuxhumana agcine esephendulana nabo.