Kube yisigameko esinga jwayelejilekile kumiswa umshado esontweni.
Ubaba uMnz Masondo umise ifindo lomshado lapho echaza khona ukuthi umakoti uyingodosu yendodana yakhe, lapho adalule khona udaba lokuthi uNks Nomaswazi bamlobolo kwaze kwalethwa nomembeso.
“uNomaswazi ingodosu yomfana wami, simlobolile, sambesa, sathi uma sicela ilanga lomshado wathi asime umfana wami emfundisa ukuba ummeli, wathi ucela ukuba umfana wami amlinde aze aqede ukuba ummeli khona ezokwazi ukumlekelela. Umakoti wakwa Masondo lo, oshada la, ngimlobolile, ukuthi lomshado uqhubeka angivumi” Kusho uBaba Masondo.
Buka ivedeo ngezansi