USEDLULILE emhlabeni umsunguli weLadysmith Black Mambazo Dr Joseph Shabalala (79) ngemuva kwesikhathi exinwe ukugula. Ngenyanga edlule Isolezwe libikile ukuthi uShabalala ungeniswe esibhedlela esisePitoli kukubi.
Ngaphambi kwalokho ngokuthola kwaleli phephandaba uShabalala, obesethahe umhlalaphansi ekuholeni iqembu, ungeniswe esibhedlela esiseThekwini ngoDisemba nyakenye.
Ngokwemibiko uShabalala ushonele esibhedlela sasePitoli, kanti ibingakaveli eminye iminniningwane ngokudlula kwakhe emhlabeni.
UShabalala udlula emhlabeni ngemuva kokuhola iLadysmith Black Mambazo iminyaka engaphezulu kwengu-50, banqoba izindondo ezinhlanu zama-Grammy.
Ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni iqalile ukungena imiyalezo yenduduzo, abanye bekhumbula leli ciko ngokubathinta ngomculo.
We would like to extend our condolences on the passing of Joseph Shabalala who was the founder of the group Ladysmith Black Mambazo. Ulale ngoxolo Tata ugqatso lwakho ulufezile. #RIPJosephShabalala [Photo: Flicker: Seth Gordon] pic.twitter.com/Sazg9hoWew
— South African Government (@GovernmentZA) February 11, 2020
Kulo nyaka Amambazo agubha iminyaka engu-60 asungulwa. Umgubho uqale eMgungundlovu ngoJanuwari 11 lapho babebeke khona isiteki sikaR50 000 esasibangwa ngamaqembu ahlukene.
Ngenyanga edlule iqembu belingekho eNingizimu Afrika njengoba belinomjikelezo eNew York. Kulindeleke ukuthi liqhubeke nemigubho okubalwa kuyo umcimbi iNanda Dam World Music Festival ngoMashi 29.