ISILOMO soKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, kuthiwa simiselwe ukuqhulula abalandeli baso ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana njengoba sekuphele amasonto amabili singazwakali emoyeni.
UTshatha, osakaza uhlelo lwasekuseni iSidlo Sasekuseni noSigiya Ngengoma, ugcine ukuzwakala emoyeni ngoLwesine olwedlule.
Emuva kwalokho wabe esenyamalala emoyeni, kangangoba ubengekho kwiSidlo Sasekuseni nakuSigiya Ngengoma ngesonto ngeledlule.
Nozakwabo asakaza nabo lezi zinhlelo, okunguNongcebo McKenzie noZimiphi “Zimdollar” Biyela abakaze bathi vu ngokuthi uTshatha ukuphi. Ethintwa uTshatha, uthe ngeke aphawule ngalolu daba.
Umthombo ongaphakathi, uthe uTshatha umiselwe ukuthi waphendula kabi abalaleli boKhozi ezinkundleni zokuxhumana, ababembuza ngokungadlalwa kwengoma yonyaka, ekubeni engagunyaziwe ukukhulumela umsakazo.
“Izikhulu zalo msakazo kazikuthandanga lokho ngoba kwakufanele yena ayalele abalaleli izikhulwini zalo msakazo ngoba yizo ezigunyaziwe,” kusho umthombo.
Ezinye izimpendulo zikaTshatha bezihamba kanje: “Udoti owenziwe yithi? Ungasidakelwa bhuti, akufihliwe ukuthi wubani omise iTop 10, musani ukusinyela…
“Ucabanga ukuthi emsakazweni lapha kusekhakhonyoko wena, umuntu uvele axoshelwe uthuvi nje lobu obushoyo.
“Abasangene phela abaphathi bomsakazo njengawe njengoba ikhanda lakho ligxabha indle nje…,” bekuphendula uTshatha nangesikhathi esebuzwa nangokuchema noKhuzani.
Ongumkhulumeli osabambile weSABC, okuyinkampani Ukhozi FM olungaphansi kwayo, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi uTshatha usamile emoyeni. “Kodwa iSABC ngeke iyidalule imininingwane mayelana nalokhu,” kuphetha uMmoni.
Exinwa ngemibuzo ukuthi ngabe uTshatha umisiwe noma uhlabe ikhefu, uMmoni ubhoke ngolaka, wathi kabavumelekile ukudalula izindaba eziphakathi komsebenzi wabo nondabazabantu wakwaSABC.
Kuvela lezi zindaba nje, ngesonto eledlule elinye iphephandaba lesiNgisi, libhale udaba lapho bekugxekwa khona uTshatha ngokuphendula abalandeli bakhe ngamagama alumelayo ezinkundleni zokuxhumana futhi lize lacaphuna ezinye zazo.
Ephendula leli phephandaba, uMmoni wathi sebeyazi ngalezo zikhalo futhi izikhulu zomsakazo zizophenya ngazo.
Bekungekhona okokuqala uTshatha esolwa ngokubhala into engehli kahle kubantu. Uke wacasukelwa ngabantu besifazane ngesikhathi egxeka ozakwabo ababegqoke izimpahla ezaziveza amathanga. Abaphathi boKhozi bathi kazikho izinyathelo ababezomthathela zona ngoba wayengakhulumanga emoyeni.