OWAYENGUMSAKAZI wezemidlalo kuKhozi FM, u-Owen “Nguban’ ikhehla” Ndlovu, unqumele lo msakazo ugwayi katiki ukuba uhoxise iTop 10 yawo. UNdlovu usola umsakazo ngokuntshontsha umqondo wakhe ayewunikeze wona neSABC.
“Lo msakazo udla amandla ami futhi uxhaphaza abaculi bakuleli. Yingakho befa bengenamali, yingoba lezi zikhulu zingogombela kwesazo. KwiSABC Summer Song of The Year yami, abaculi bebewina imoto iKia Picanto nemali ewuR150 000 neminye imiklomelo ebibalelwa kuR400 000. Nabalaleli bawiniswa le moto. Nyakenye umlaleli woKhozi waseMlaza uwine imoto noweThobela FM, uthole imoto efanayo. KwiTop 10 yoKhozi ngeke baze bathole lutho, ngisho indondo eyodwa ekubeni abantu bezobe bevotile.”
“OKhozini bekudlalwa ingoma ebikhethwa yizikhulu zomsakazo kodwa ngafika nomqondo wokuthi kuvotiswe abantu. Ngenza nabo isivumelwano sokusebenzisana seminyaka emithathu. Siqalile ngo-2016, kwawina umculi kamaskandi uMroza Fakude. Ngo-2017 kwathiwa awume umncintiswano ngoba kusacutshungulwa isivumelwano. Ngonyaka owedlule ubuyile, kwawina uMaster KG. Ngakho basangikweleta unyaka owodwa.” Uthe uma iSABC ingasafuni ukusebenzisana naye nenkampani yakhe, iMichael Owen Productions, kayiwuyeke umqondo wakhe.
“Ngeke ngihlale ngithule ekubeni kudliwa amandla ami, ngiphucwa isinkwa sezingane zami futhi kuxhashazwa abaculi,” kuphetha uNdlovu othe udaba uselufake kubameli. Okhulumela iSABC okwesikhashana, uMmoni Seapolelo, uthe usenga ezimithiyo uNdlovu uma ethi nguye owafika nomqondo weTop 10 emisakazweni yakwaSABC. “Kufanele kwaziwe ukuthi imisakazo yakwaSABC beyihlukanisa unyaka ngezingoma.
I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi beyinobudlelwano noNdlovu beminyaka emithathu, esigcine ngo-2018 ubesiza ngokuthi aqoqele umsakazo imiklomelo ezowinwa wumculi wengoma ehambe phambili nomlaleli. Siyakugcizelela ukuthi kakukho sivumelwano esisha esisenze noNdlovu ngenxa yezinselelo ezibe khona eminyakeni eyedlule. Imisakazo yakwaSABC izoqhubeka nendlela yayo ekupheleni konyaka,” kuphetha uMmoni.