YIZE enqunyelwe ugwayi katiki ukuthi asuke esihlalweni sobuholi bamaNazaretha, uMnuz Mduduzi Shembe (uNyazilwezulu) ochithwe yinkantolo ukuthi abe ngumholi webandla kodwa usahleli ekomkhulu lebandla eBuhleni.
Ngeledlule abameli bomholi wamaNazaretha ovunwe yinkantolo, inkosi uPhinda Shembe “Ukukhanyakwelanga” bakhiphe incwadi ethunyelwe yisikhonzi senkantolo kuNyazi ukuthi lwehle esihlalweni aphinde abuyise konke okwebandla abekusebenzisa njengomholi ngokushesha.
Ngesikhathi luthola incwadi uNyazi beluseCilongweni eMelmoth lapho beluphethe khona inkonzo njengomholi wamaNazaretha belusazodlulela nakwezinye izindawo luqhubeka nemihlangano yebandla.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, alubange lusaqhubeka nemihlangano obeluyihlelile kodwa lubuye lwazohlala eBuhleni. Kuthiwa luthe alufuni kufike abaseThembezinhle lungekho, bangene esihlalweni.
Imithombo yaleli phephandaba iveze ukuthi njengamanje ludidekile ngokumele lukwenze njengoba lungazimisele ngokusuka esihlalweni sobuholi bamaNazaretha, olusahleli kuso ngokungemthetho.
“Kumanje uhleli eBuhleni akasakhiphi ngisho nemihlangano. Useke wacela namalungu ebandla afundele ubumeli ukuthi amcebise ngoba akazimisele ukwehla esihlalweni.
Isimo simanzonzo kumanje kanti nalo uNyazilwezulu seluqashe izinkampani ezintathu ezehlukene zonogada ezimqaphile endlini yabaholi ahleli kuyona eBuhleni” kusho umthombo.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe yonke into iyaqhubeka njengenjwayelo esontweni akukho lutho oluyinkinga.
Ebuzwa ngokuthi uNyazilwezulu lusazoqhubeka yini nokuphatha izinkonzo njengoba linqunyelwe ugwayi katiki ukuthi lwehle esihlalweni uthe: “Umholi akavamile ukuphatha izinkonzo uma kungeyona imihlangano kodwa iphathwa ngabefundisi, abavangeli nabashumayeli.
“Umholi uyiphatha kuphela uma evula umhlangano omkhulu noma usuvalwa. Nasethempelini uma kungeyona inkonzo enkulu, uza uma ethanda ngoba uvumelekile ukuyilalela ehleli ngaphakathi endlini,” kusho uMncwabe.
Uthe abasishayi indiva isinqumo senkantolo sokuthi uNyazilwezulu kumele luphume eBuhleni kodwa kukhona okusalungiswa ngabameli okuthinta umuzi waseBuhleni njengoba kukhona abathi ngowebandla kanti abanye bathi ngowayeyinkosi * -Amos Kula Shembe (Nyangayezulu) onguyise woThingo.
Ngokwesinqumo senkantolo uNyazilwezulu luvumeleke ukuba seBuhleni njengelungu lebandla elijwayelekile futhi lungahlali endlini yabaholi ngoba aluseyena umholi.
Okhulumela “Ukukhanyakwelanga” uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe ngenxa yobungozi obukhona manje eBuhleni, bacele ukuthi kwandiswe amaphoyisa azoya khona.
“Silinde amaphoyisa aqinisekise ukuphepha kwethu uma siya eBuhleni njengoba sizimisele ngokuthi singene khona maduze. Asesithembisile ukuthi ngeke uphele uDisemba engaqinisekisile ukuphepha kwethu uma siya khona,” kusho uMthethwa.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker uthe amaphoyisa atshaliwe eBuhleni ukuqapha isimo.
“Ngenxa yokungabi nozinzo khona ngeledlule kushaywe nentatheli ebizosebenza yaphucwa ikhamera neselula. Udaba lokushaywa kwayo lusaphenywa,” kusho uBrigadier Naicker.