Usevuke ngesoka elisha uZodwa Wabantu




Ngempelasonto abantu bakuleli babone okokuqala uBen 10 omusha kaZodwa Wabantu ekhasini lakhe lika-Instagram ngesikhathi efaka isithombe sakhe enoVusi Buthelezi. Lesi sithombe besihambisana nesiqeshana sombhalo obuza abalandeli bakhe ukuthi amveze yini kwisizini yesibili yohlelo lwakhe olukhonjiswa esiteshini sethelevishini iMoja Love Z odwa Wabantu Uncensored. UZodwa ngoJulayi uhlukane nesoka lakhe abeselilobolile uNtobeko Linda, namshiye ekhalaza ngokuthi akakhombisanga ukuzimisela ngothando lwabo ngesikhathi behlabe ikhefu ngenxa yezinkinga abebebhekene nazo.




Engxoxweni neSolezwe uZodwa uthe isoka lakhe elaseRichards Bay kanti uthandane nalo ngemuva kokuhlukana noNtobeko.
“Uthando lwethu luhamba kahle, siyavuka nje ekuseni sihlanze indlu, siye emsebenzini sibuye sipheke njengezinye izithandani,” kusho uZodwa.
Ebuzwa ngokuthi usazibona yini futhi elobola uma uthando lwabo seluqine ngokwanele uthe, “yebo” ngoba ukhethe ukuqhubeka nempilo ngemuva kokuhlukana noNtobeko.




 

View this post on Instagram

 

😁 Deals. Can I make him Famous😂 Season 2 @mojalove 👍I’m a Workaholic.

A post shared by zodwalibram (@zodwalibram) on




Original Story: Isolezwe

iReport SA News

Reporter